"ngokubi"
32 occurrences in ZUL
le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.
Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: Angahle ehlelwe ngokubi.
Esephumile emzini , engakabi kude , uJosefa wathi encekwini yakhe : Suka ulandele lawo madoda ; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi : Niphindiseleni okuhle ngokubi na?
Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku , ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo ; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi , baze bathi ngalolo suku : Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?
Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi , leli hubo lifakaze phambi kwabo njengofak azi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo , lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje , ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.
Wayesethi kuDavide : Ulungile kunami , ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.
Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.
Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na ? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakh o ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.
Bazinge bethi kwabangidelelayo : UJehova ukhulumile uthi : Niyakuba nokuthula. Kubo bonke abahamba ngenkan i yenhliziyo yabo bathi : Aniyikwehlelwa ngokubi.
Uma nihlala nokuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha nginganidilizi, nginitshale nginganisiphuli, ngokuba ngiyazisola ngokubi engikwenzile kini.
Abaphephayo benu bay akungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo , lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo , ezichezukile kimi , namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.
Kepha bheka , kuyakushiywa kulo ababalekileyo abayakukhishwa , amadodana namadodakazi; bheka, ayakuphumela kini, nibone indlela yawo nemisebenzi yawo , niduduzwe ngokubi engehlisele khona phezu kweJerusalema, yebo, ngakho konke engehlisele khona phezu kwalo.
Kungabethwa icilongo emzini , bangesabi abantu , na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?
Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo , akakwenzanga.
Wakhuleka kuJehova , wathi: Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na ? Ngalokho ngak wandulela ngokubalekela eTharishishi , ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene , wephuza ukuthukuthela , unesihe esikhulu , uzisola ngokubi;
elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo , nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: UJehova akaphakathi kwethu na? Asiyikwehlelwa ngokubi.
Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini , wathi kuye : Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.
Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi ; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.