Skip to Content

"ngokukhamuluka"

7 occurrences in ZUL

Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili nalapho nil izwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu , ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo , abantu bakhuphuke , yilowo nalowo aqonde phambili nje.

Abantu base bekhamuluka , amacilongo abethwa ; kwathi lapho abantu bezwe ukukhala kwecilongo , abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawela phansi endaweni yalo , abantu benyukela emzini , yilowo nalowo waqonda phambili nje, bawuthatha umuzi.

Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJeh ova ufika ekamu , wonke u - Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.

Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka -Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.

Wonke u -Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo , nangamacilongo, nangamasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.

Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova , bathi: Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka -Israyeli. Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.

ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lok ukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu , ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.