UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi , wathi: Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko ; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.
Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko ; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi , njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.