Uyakuba nokwethemba , ngokuba ithemba likhona ; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
Ngizakucambalala ngokuthula , ngilale ubuthongo , ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.
Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka , ungaqhuzuli unyawo lwakho.
Sukani, nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo , esihlala ngokulondeka , usho uJehova, esingenazicabha nemigoqo, sakhe sodwa.
Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo , bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.
Kuyakuhlalwa kulo , kungabe kusabakho siqalekiso , kepha iJerusalema liyakuhlala ngokulondeka.