"ngokupheleleyo"
32 occurrences in ZUL
Nxa nivuna isivuno sezwe lakini , awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho.
Nxa nivuna isivuno sezwe lakini , awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho , ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho ; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.
uyakuvuma isono sakhe asenzileyo , alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo , athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye.
kepha inceku yami uKalebi , lokhu wayenomunye umoya , wangilandela ngokupheleleyo, yena n giyakumngenisa ezweni aya kulo ; inzalo yakhe iyakulidla.
ngaphandle kukaKalebi i ndodana kaJefune , umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.
ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune ; yena uyakulibona ; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo , ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.
Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu , kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
UMose wafunga ngalolo suku , wathi: Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
Ngalokho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefuni, umKhenizi, kuze kube namuhla , ngokuba wamlandela uJehova uNk ulunkulu ka -Israyeli ngokupheleleyo.
Kwathi lapho abantwana bakwa -Israyeli sebeqinile , bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.
Inhliziyo mayibe kuJehova uNkulunkulu wethu ngokupheleleyo, nihambe ngezimiso zakhe, nigcine imiyalo yakhe njenganamuhla.
Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.
Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; nokho inhliziyo ka -Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.
Kepha lapho esezithoba , intukuthelo kaJehova yabuya kuye ukuba angamchithi ngokupheleleyo, futhi kwakusekhona nokuhle kwaJuda.
Ngokuba uJehova usho kanje , uthi: Izwe lonke liyakuba yincithakalo , kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.
Khuphukelani ezingangeni zalo , nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.
Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo ; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba , ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe, usho uJehova.
Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho , Juda, ugcwalise izithembiso zakho , ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.
Ngokuba angithandi , bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo , funa nizishaye abahlakaniphileyo , ukuthi inxenye ka -Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;
ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele , njengokuba ngasuka eJerusalema , ngazungeza ngaze ngafika e -Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.
besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo. Uthando lukaPawulu aluguqukile
Kepha uNk ulunkulu wokuthula , yena uqobo , makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.