Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , akayikubona noyedwa izwe engalifungela u -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,
Kwathi uSolomoni esemdala , omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu ; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokuphelelyo njengenhliziyo kaDavide uyise.