Usho kanje uJehova, uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo ukuba babakhaphele ku-Edomi.
Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.