Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na?
Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje ; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize; awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.
Bheka, akuveli kuJehova Sebawot i ukuthi abantu bakhandlekela umlilo , izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?