Isho kanje yonke inhlangano kaJehova , ithi: Isiphambeko sini enisenzile kuNkulunkulu ka -Israyeli ukuba nibuye namuhla ekumlande leni uJehova ngokuzakhela i-altare, nihlubuke namuhla uJehova.
Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile , welani, niye ezweni lefa likaJehova , lapho lihlala khona itabernakele likaJehova , nibe nefa phakathi kwethu ; kepha ningahlubuki uJehova , ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i -altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.