Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqo ngweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.
Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka , kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu , ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi ; izenzo zilinganiswa nguye.
Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi, kepha akaphenduli.
Bavalelwe ngamanoni abo, bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.
Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungiley o ngokuzidla nangokweyisa.
Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke ; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.
Kepha uma ningalaleli , umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala , limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu , ukuziphakamisa kwakhe, nokuzidla kwakhe , nokuziqhenya kwakhe , nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.
Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa , ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso , nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.
Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni , eningayikukhipha kukho izintamo zenu ; futhi ningahambi ngokuzidla , ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.