engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombi li nane, engasuki ethempelini , ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.
Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.
Amadolo ami abuthakathaka ngokuzila ukudla , nomzimba wami uswele ukukhuluphala.
Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke , nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.
ngokukhandleka nangokukhathazeka , kaningi ngokuqwasha ebusuku , ngokulamba nangokoma , kaningi ngokuzila ukudla , nasemakhazeni nangokuhambaze;