"ngokwesaba"
28 occurrences in ZUL
Ezintabeni zonke ezilinywa ngegeja akuyikuyiwa khona ngokwesaba amakhakhasi nameva , kepha ziyakuba ngezokuqhubela izinkabi nezokunyathela kwezimvu.
Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho , uhlahlamelise inceku yakho namuhla , uyinike umusa emehlweni alo muntu . Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.
Ngathi futhi : Akukuhle enikwenzayo ; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe , izitha zethu, na?
Onke aphethe i zinkemba, afundile ukulwa ; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku.
Kwathi lapho sezizwile onke amazwi , zaphendukelana ngokwesaba, kwaba yileso naleso kumakhelwane waso , zathi kuBaruki : Siyakuyitshela nokuyitshela inkosi lawa mazwi.
Wathi futhi kimi : Ndodana yomuntu , bheka, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso ngokwesaba , baphuze amanzi ngesilinganiso ngokumangala
uthi kubantu bezwe: Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa -Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba , baphuze amanzi abo n gokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa , laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.
Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu , bathi kuye : Kuyini lokh u okwenzileyo na? Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova , lokhu ebatshelile.
Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo , bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.
Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: Kanti lo ungubani , lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?
Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo , inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.
abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.
Emva kwalokho uJosefa wase -Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda , wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu.
Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku , olokuqala lweviki , iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda , uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kinina.
Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini , lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.
Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama , balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,
Ngakho-ke, bathandiweyo bami , njengalokho nila lele ngezikhathi zonke , kungesikho nxa ngikhona kuphela , kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho , fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,
Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlu lela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,
Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke , kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu.
nibasindise ngokubahlwitha emlilweni , kepha abanye nibahawukele ngokwesaba, nizonde nengubo enindwe yinyama.