Egumbini wenza amakherubi amabili ngomnqumo, yilelo nalelo liyizingalo eziyishumi ukuphakama kwalo.
Wenza-ke izivalo ezimbili ngomnqumo , wazifekethisa ngamakherubi abaziweyo, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo , wazinameka ngegolide, wembesa amakherubi namasundu igolide.
Wenzela futhi umnyango wethempeli izinsika zomnyango ngomnqumo , ziyizinhlangothi ezine,