UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana ; uDavide wazila ukudla , wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.
Zase zithi izinceku zakhe kuye : Yintoni le oyenzileyo na ? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.
wazithuma eBetlehema, wathi: Hambani nibuzisise ngomntwana; kuyakuthi nxa nimfumene, ningitshele ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.