UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye , uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi.
Zonke izikhulu zezifunda , nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.