Isiprofetho ngoMowabi. Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqot shiwe, lichithekile; impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lichithekile.
Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi ; bonke bayakuklewula . Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvin i ezomileyo zaseKhiri Hareshet i nidabukile kakhulu.
Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.
Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.
NgoMowabi. Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Wo kulo iNebo , ngokuba lichithekile , iKiriyatayimi lijabhile , linqotshiwe; iMisigabi lijabhile, liphelile amandla.
Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi , ngikhale ngaye wonke uMowabi , balilisele amadoda aseKhiri Heresi.