Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka, inyamalale ngomuhla wentukuthelo.
Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela.
Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo , abe nokuphila okuphakade ; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.
Akakho ongeza kimi , uma uBaba ongithumileyo engamdonsi ; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.
Odla inyama yami , aphuze igazi lami , unokuphila okuphakade ; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.