Skip to Content

"ngomusa"

58 occurrences in ZUL

Waphakamisa amehlo akhe , wabona abesifazane nabantwana , wathi: Bangobani laba onabo na ? Wathi: Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.

Ngomusa wakho wabahola abantu obahlengileyo ; ngamandla akho wabayisa endlini yakho engcwele.

ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba. Xwaya izifundiso zamanga

Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo , akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,

NgoNafetali wathi : Nafetali, wanelisiwe ngomusa , ugcwele isibusiso sikaJehova: yidla wena intshonalanga neningizimu.

Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi , sithi kubo: Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.

nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane ; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni , nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.

Kepha sebephumulile , babuye benza okubi ebusweni bakho ; wawusubashiya esandleni sezitha zabo , zaze zabusa phezu kwabo ; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe , wena wabezwa usezulwini , wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu,

Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga , awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.

Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo ; umphahla ngomusa njengesihlangu.

Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami ; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela.

Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho , ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;

Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngisindise ngomusa wakho.

Siyazindla ngomusa wakho, Jehova, siphakathi ethempelini lakho.

UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe ; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho , nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?

Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade , ngomlomo wami ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukuthembeka kwakho.

Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo ; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.

Sisuthise ngomusa wakho, kuse sekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.

Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela, ngikudumise wena Jehova.

okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni , okuqhelisa ngomusa nangobubele;

Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho , ungihambele ngensindiso yakho,

Mababonge uJehova ngomusa wakh e nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

Mababonge uJehova ngomusa wakh e nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

Mababonge uJehova ngomusa wakhe , nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

Mababonge uJehova ngomusa wakh e nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

Buyela ekuphumuleni kwakho , mphefumulo wami , ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.

Zinqume izitha zami ngomusa wakho , ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.

UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa.

Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.

Umusa neqiniso kuyalonda inkosi ; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.

kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

Ngentukuthelo echichimay o ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana , kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela , usho uJehova uMhlengi wakho.

Abezizwe bayakuzakha izingange zakho , amakhosi abo akukhonze ; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, sengiyakuhawukela ngomusa wami.

UJehova wabonakala kimi ekude , wathi: Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.

Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho , ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.

Zihlwanyeleleni ngokulunga , niyakuvuna ngomusa; qathani umqatho wenu; sekuyisikhathi sokumfuna uJehova , aze afike , anise ukulunga phezu kwenu.

Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Ngiyakubuyela eJerusalema ngomusa, indlu yami yakhiwe kulo , usho uJ ehova Sebawoti , kwelulwe umucu wokulinganisa phezu kweJerusalema.

Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.

Esethanda ukudlulela e -Akhaya, abazalwane bal obela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa,

balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu,

Kepha isipho somusa asinjengesi phambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa , ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.

Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na? Nabezizwe bayakukhethwa ngomusa kaNkulunkulu

kepha uma kuya ngomusa , akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.

kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.

Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga , kodwa acabange kube ngokuqond a, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,

Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho , nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke ; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.

Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu , okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana na ni ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu , kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.

Kepha siyanazisa , bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakedoniya

Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa ; nalokhu akuveli kini , kuyisipho sikaNkulunkulu;

Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe,

Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo , noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,

kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi , uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo ; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa , kungabi ngokudla , abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.

Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina,