UJahati wayeyinhloko , noZiza ngowesibili ; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise , bebalwa kanyekanye.
Base bengenisa iminikelo , nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.