Walibiza i -altare ngezwi likaJehova , wathi: Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide , nguJosiya igama lakhe ; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.
ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe.
Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa -Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi , nawo onke amakhosi akwa -Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.