"ngukudla"
29 occurrences in ZUL
UNkulunkulu wathi : Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu , esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu.
Kepha zonke izilwane zomhlaba , nezinyoni zonke zezulu , nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla, kwaba njalo.
Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.
Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kwenu , okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe;
Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo.
Bazinikile izidumbu zezinceku zakh o zibe ngukudla kwezinyoni zezulu , inyama yabakwesabayo kuzo izilo zomhlaba.
UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunen e nangengalo yamandla akhe, wathi: Impela angisayikuzinika izitha zakh o amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,
Impisi iyakudla ndawonye newundlu , ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka ; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.
Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.
Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala , izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.
Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema , ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo , nangesandla sabafuna ukuphila kwabo , nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.
yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo , izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.
Uyakuba ngukudla komlilo , igazi lakho libe phakathi kwezwe ; awusayikukhunjulwa, ngokuba mina Jehova ngikhulumile.
Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona , abe ngukudla kwazo.
Ngiyakukulahla ehlane , wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho , uwe ebusweni bomhlabathi ; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.
Zazihlakazekile, ngokuba umalusi wayengekho; zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, zahlakazeka.
Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango , nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle , lokhu umalusi engekho , nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami , abelusi bezibonelela bon a, bengazalusi izimvu zami,
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo , ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu , abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.
Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke , ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele ; izithelo zayo ziyakuba ngukudla , amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa. Imikhawulo yezwe elingcwele