Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekh anda lenzalo yakhe kuze kube phakade ; kepha kuDavide , nakuyo inzalo yakhe , nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.
bathuma incwadi kuye okulotshwe kuyo ukuthi : KuDariyu inkosi; makube ngukuthula konke.
Wathulisa isiphepho , kwaze kwaba ngukuthula , kwathula namadlambi olwandle.
Base bethokoza , ngokuba kwaba ngukuthula ; wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova , oNgcwele ka -Israyeli, yathi: Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula , amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.
Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula , impumelelo yokulunga i be ngukulondeka kuze kube phakade.
Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami , bathi: Ngukuthula, ngukuthula, kepha akukho ukuthula.
Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami , bathi: Ngukuthula, ngukuthula; Kepha akukho ukuthula.
Ngokuba, yebo, ngokuba bedukisile abantu bami ngokuthi: Ngukuthula, kungekho ukuthula, nangokuba lapho kwakhiwa ugange, bheka, balunameka ngodaka olungavuthiwe,
Nxa bethi : Ngukuthula nokuhlala kahle , khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.