Skip to Content

"ngumlomo"

9 occurrences in ZUL

Uyakukukhulumela kubantu , abe ngumlomo kuwe , wena ube njengoNkulunkulu kuye.

Uma engowendoda , izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe,

kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo , iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwak he nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.

Makakudumise omunye , kungabi ngumlomo wakho , kube ngumfokazi , kungabi yizindebe zakho.

Ngumlomo wakho okulahlayo, akusimi; izindebe zakho ziyafakaza ngawe.

ezaphinyiselwa yizindebe zami , zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.

Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu , ayikho eyakuswela umngane wayo , ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile , nomoya wakhe okuhlanganisile.

Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho , namakhosi onke inkazimulo yakho ; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Uma ubuya , ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami ; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala , uyakuba ngumlomo wami ; laba bayakubuyela kuwe , kepha wena awuyikubuyela kubo.