Ungabi ngumngane womuntu onolaka, ungahambi nomuntu onokufutheka,
Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe ; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.
Imfuyo iyenezela abangane abaningi, kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.
UJehova wathi kimi : Hamba futhi , umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu , bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.