Skip to Content

"ngumpristi"

16 occurrences in ZUL

Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana , afake izambatho zelineni , izambatho ezingcwele,

UMika wayesahlukanisela umLevi , leyo nsizwa yaba ngumpristi wakhe , yahlala endlini kaMika.

Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu , wenza ingubo yamahlombe namatherafi , wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe.

Wathi kubo: UMika ungenzele ukuthi nokuthi; ungiqashile ngaba ngumpristi wakhe.

Bathi kuye: Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho , uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu ; kuhle yini ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu munye kunokuba ube ngumpristi wesizwe nomndeni kwa -Israyeli na?

Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e -altare lami , ashise impepho , afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa - Israyeli.

USolomoni wayesemxosha u -Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.

badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu . Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.

Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi ; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena , ungabi ngumpristi wami ; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.

USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu;

kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu , wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Mark. 14:66; Luk. 22:54)

Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke , ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu , kube yinhlawulo yezono zabantu.

Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu , kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye , wathi: UyiNdodana yami wena , namuhla ngikuzele,

lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.

Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye , ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,

Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu.