Kuyakuba khona idokodo , libe ngumthunzi ekushiseni kwemini nesiphephelo nesivikelo esivunguvungwini nasemvuleni.
Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo , nemisedari kaNkulunkulu ngamagatsha awo.
UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva , wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.