Yamila, yaba ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe phansi kwalo; waba ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.
Wawusemhlabathini omuhle ngasemanzini amaningi ukuba uveze amagatsha, uthele izithelo, ube ngumvini omuhle.