"ngunkulunkulu"
104 occurrences in ZUL
Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe , nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo , sibe yisivumelwano esiphakade , ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.
Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani , libe yifa laphakade , ngibe nguNkulunkulu wabo. Ukusoka
Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.
Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami , mina ngibe nguNkulunkulu wenu ; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.
Ngezindaba zonke zamacala , eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo , umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe , indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu ; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
UJehova wadlula phambi kwakhe , wamemeza wathi : NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,
Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibit he, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.
NginguJehova uNkulunkulu wenu owani khipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.
kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.
NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe , ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Ngingamqalekisa kanjan i ongaqalekiswanga nguNkulunkulu na ? Ngingamdlelesela ongadleleselwanga nguNkulunkulu na?
Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle . Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;
isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini , kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku , ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.
Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;
ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe , yena abe nguNkulunkulu wakho, njengalokho akhuluma kuwe , nanjengalokho afunga koyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu ; uma umuntu ekhonza , makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu , ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Kepha uRuthe wathi : Ungangincengi ukuba ngikushiye , ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona , ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona , ngiyakuhlala khona nami ; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.
Wazimisela ukuba abantu bakho u-Israyeli babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.
Ngokuba abantu bakho u-Israyeli wabenza babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.
Ngase ngibabaza intokozo , ngokuba umuntu a kanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla , nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.
Kwathi lapho zonke izitha zikuzwa lokho , abezizwe bonke abasizungezayo, besaba, bayetha, ngokuba baqonda ukuthi lowo msebenzi wawenziwe nguNkulunkulu wethu.
Ziqede ngokuthukuthela , ziqede zingabe zisabakho ; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela
Kepha yazithwala izifo zethu , yabetshatha ubuhlungu bethu , kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi : Lalelani izwi lami , ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami , nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.
engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe , isithando sensimbi, ngokuthi: Zwanini izwi lami , nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,
Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova ; bayakuba ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo , ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.
Ngaleso sikhathi , usho uJehova , ngiyakuba nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwa-Israyeli, yona ibe ngabantu bami.
Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka -Israyeli emva kwalezo zinsuku , usho uJehova: ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami;
Ngokuba o -Israyeli noJud a abashiywanga nguNkulunkulu wabo , uJehova Sebawoti, noma izwe labo ligcwele icala koNgcwele ka-Israyeli.
ukuba bahambe ngezimi so zami , bagcine izahlulelo zami , bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.
ukuze indlu yakwa -Israyeli ingabe isaduka kimi , ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke , kepha ibe ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.
Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo , inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.
Abasayikuzingcolisa ngezithombe zabo , nangokuzondekayo kwabo , nangesisodwa seziphambeko zabo , kepha ngiyakubasindisa kukho konke ukuhlehla kwabo abone ngakho, ngibahlambulule, baze babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.
Wayesethi uJehova: Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ami, ngokuba anisibo abantu bami, mina angiyikuba nguNkulunkulu wenu.
Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamas aka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.
ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema , babe ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.
Asinaye ubaba munye thina sonke ? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo , sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?
Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode , zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.
Kepha ezwa ukuthi sekubusa u -Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;
Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha,
Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi : Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.
Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,
kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvu ka kwakhe kwabafileyo.
Wasiyala ukuba sishumayele kubantu , sifakaze ukuthi : Nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.
wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi.
Ngokuba umbhalo uthini na ? Uthi: Kepha u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.
abangababo okhokho avela kubo uKr istu ngokwenyama , yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke , obongekayo kuze kube phakade . Amen. Abakwa-Israyeli bakhethwa nguNkulunkulu
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso , ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu ; lawa a khona amiswe nguNkulunkulu.
Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu
Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,
osiduduza osizini lwethu lonke , ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na ? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
Ngiyamazi umuntu ekuKristu , sekuyiminyaka eyishumi nane -- nakuba wayesemzimbeni angazi , nakuba wayengaphandle komzimba angazi , nguNkulunkulu owaziyo -- onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.
Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo -- nakuba wayesemzimbeni , nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo --
Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;
kepha manje , njengalokhu senimazi uNkulunkulu , yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho , enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?
ngijonge emgomeni , emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu. UPawulu ubaluleka ngokumlandela yena
Ningakhathazeki ngalutho , kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina , lwafika, angisho eMakedoniya nase -Akhaya kuphela , kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona ; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.
kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli , siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.
Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane;
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa , nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni,
Akukho muntu ozithathela leso sikhundla , kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni. UKristu ungumpristi obiziweyo
Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu , siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,
Ngokuba umhlabathi , ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo , umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu;
Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka -Israyeli emva kwalezo zinsuku , isho iNkosi : ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi : Ngiyengwa nguNkulunkulu , ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.
kwagcwaliseka umbhalo othi : Kepha u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga , wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.
enikholwa nguNkulunkulu ngaye , owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.
Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono , ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.
ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe ; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe . Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga , ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.
Siyazi ukuthi yilowo n alowo ozelwe nguNkulunkulu akoni , ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.