Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.
UMeshelemiya wayenamadodana : nguZakariya izibulo , noJediyayeli owesibili, noZebadiya owesithathu, noJatiniyeli owesine,
Kumadodana kaShekaniya , kumadodana kaPharoshi : nguZakariya; kanye naye kwabhalwa ngezizukulwane abesilisa abayikhulu namashumi ayisihlanu.
Kumadodana kaBebayi : nguZakariya indodana kaBebayi; kanye naye ngabesilisa abangamashumi amabili nesishiyagalombili.
eka-Ido: nguZakariya; ekaGinethoni: nguMeshulamu;
Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka - Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe.