Koze kube nini le nhlangano embi ikhono na ngami na ? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.
Mina Jehova ngikh ulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.
Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.
Khuphuka kule nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso . Bawa ngobuso babo.
yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.