Skip to Content

"nibona"

15 occurrences in ZUL

Zayala abantu, zathi: Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala , niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.

Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema , wabanikela baba yisibon elo esibi , nesimangaliso, nento enximfelwayo , njengalokhu nibona ngamehlo enu.

Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.

Ngokuba kalokhu seniyize nje; nibona okwesabisayo niyesaba.

Ayakuniduduza, lapho nibona indlela yawo nemisebenzi yawo , nazi ukuthi angenzanga n gaphandle kwesizathu konke engikwenzileyo phakathi kwalo , isho iNkosi uJehova.

Inkosi-ke yaphendula yathi : Ngiyazi impela ukuthi niyazenzela isikhathi , ngokuba nibona ukuthi izwi liphumile kimi

Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele -- ofundayo makaqaphele --

Kanjalo nani , nxa nibona konke lokhu , yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.

Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona -- ofundayo makaqaphele -- khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,

Kanjalo nani , nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.

Wayesethi nakuzo izixuku : Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga , masinyane nithi: Iyeza imvula, kube njalo.

Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.

Kanjalo nani , nxa nibona lezo zinto zenzeka , yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.

Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala , niyakuthini na?

singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye , kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.