Kepha nxa ngiyala ngalokho , anginibongi ukuthi nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi.
Ngokuba okokuqala , nxa nibuthana ebandleni , ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho.
Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho;
Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, anolindana.
Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana , yilowo nalowo uba nehubo , noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.