Madodana abantu , koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na ? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela
UJesu wema, wazibiza wathi: Nifuna ukuba nginenzeleni na?
Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;
Wathi kubo: Nifuna ukuba nginenzeleni na?
Kepha yathi kubo : Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha ; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.
Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka -Abrahama; kepha nifuna ukungibulala , ngokuba izwi lami lingenandawo kini.
Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso , engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho.
Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma , wathi kubo: Nifuna ubani na?
Waphinda wababuza wathi: Nifuna ubani na? Bathi: UJesu waseNazaretha.
UJesu waphendula wathi: Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe,
Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho , kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo.
Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi , yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.