"nihambe"
43 occurrences in ZUL
wathi: Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu , nihlale ubusuku , nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa , nihambe indlela yenu. Zathi: Qha, siyakuhlala phandle.
Wathi: Bheka, kusesemini kakhulu , akusiso isikhathi sokuba zibuthwe izinkomo; phuzisani izimvu, nihambe niziklabise.
nilethe kimi umfowenu omncane ; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.
UFaro wayesethi kuJos efa: Yisho kubafowenu ukuthi : Yenzani lokhu : thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani,
Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.
Wayesethi uFaro : Ngizakunivumela ukuba nihambe nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane , kepha ningayi ku de kakhulu nokho ; ngikhulekeleni.
Ncengani kuJehova , ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.
Wayesethi kubo : Makabe nani -ke uJehova , njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.
UJehova wayesethi kuMose : Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha ; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha.
Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.
NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme. Ukusongelwa kwabeqayo umthetho
phendukani nihambe , niye entabeni yama -Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona e -Araba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle , ezweni lamaKhanani , naseLebanoni, kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.
Sukani nihambe , niwele umfula i -Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori , inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.
Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulu nkulu wenu , nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,
Wathi kuwo: Khuphukelani entabeni, funa abanixoshayo banifice , nicashe khona izinsuk u ezintathu , ukuze abanixoshayo babuye , andukuba nihambe indlela yenu.
Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: Sukani nihambe ezweni , nililobe, nibuyele kimi , nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.
Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nihambe kuzo zonke izindlela zakhe , nigcine imiyalo yakhe , ninamathele kuye , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
Kwathi ngosuku lwesine bavuka ekuseni kakhulu , wasuka ukuba ahambe ; uyise wentombi wathi kumkhwenyana wakhe : Hlumelela inhliziyo yakho ngocezu lwesinkwa, andukuba nihambe.
Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.
Buyani, madodakazi ami , nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba , noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana,
Inhliziyo mayibe kuJehova uNkulunkulu wethu ngokupheleleyo, nihambe ngezimiso zakhe, nigcine imiyalo yakhe njenganamuhla.
Kodwa uma nibuya ekungilandeleni , nina noma abantwana benu , ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu , kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,
Kepha uma nibuya , nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,
Usho kanje uJehova , uthi: Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle , nihambe ngayo , niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: Asiyikuhamba ngayo.
kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi : Lalelani izwi lami , ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami , nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.
Uyakuthi kubo: U sho kanje uJehova , uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeke phambi kobuso benu,
yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJ uda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona,
Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu , ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.
Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu ; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.
Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.
Umgciniziboshwa wabikela uPawulu law o mazwi , wathi: Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho phumani manje, nihambe ngokuthula.
Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina ; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo , nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.
nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda , wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.
nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,