Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayin i ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.
Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini ngokolweni nangebhali, ngokuba isivuno samasimu sichithakele.
Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze -altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka , zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzw a kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.