Ngiyakunika ukuthula ezweni , nilale phansi ningesatshiswa muntu ; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni , nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.
Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze -altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka , zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzw a kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.