Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa -Israyeli, ibandla likaJehova , nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle , nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.
Ngalokho ninganiki amadodana abo amadodakazi enu , futhi ningathatheli amadodana enu amadod akazi abo, ningafuni ukuthula kwabo nenhlalakahle yabo kuze kube phakade , ukuze nibe namandla , nidle okuhle kwezwe , nilishiye libe yifa labantwana benu kuze kube phakade.