Ngibukeni, nimangale, nibeke izandla emilonyeni yenu.
Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthiseni, niphuphutheke; badakiwe, kepha kungengewayini, bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.
Bonani phakathi kwabezizwe , nibheke, nimangale nokumangala, ngokuba wenza isenzo ezinsukwini zenu eningayikukholwa yiso, lapho silandwa.
Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana , uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.
Bhekani nina zideleli, nimangale, ninyamalale, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu , umsebenzi eningayikukholwa yiwo , nakuba umuntu enilandisa ngawo. Izwi lamukelwa ngabezizwe, liphikwa ngabaJuda