Skip to Content

"nimemezele"

6 occurrences in ZUL

Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu , nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo ; kuyakuba yijubili kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe , nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.

Niyakusho ngalolo suku ukuthi : Bongani uJehova , nibize igama lakhe , nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe , nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.

Phumani eBabele , nibalekele amaKaledi , nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu , nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.

Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Hlabelelani kuJakobe ngokujabula , nimemezele inhloko yezizwe , nizwakalise, nidumise nithi : Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Nina aningilalelanga u kuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo , yilowo nalowo kumakhelwane wakhe ; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka , usho uJehova, nginikhululele inkemba , nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.

nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo , nimemezele iminikelo yesihle, niyizwakalise, ngokuba nithanda kanjalo , bantwana bakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.