kepha inyanga epheleleyo , ize iphume ngamakhala enu , inengeke kini , ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu , nakhala phambi kwakhe ngokuthi: Saphumelani eGibithe na?
kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu , yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu , nishilo nathi : Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu . Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.