Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe , nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.
USawule wayesethi kuzo izinceku za khe: Ngiboneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi.
Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?