Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana , nanxa senihlale isikhathi eside ezweni , none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento e thile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho , nimthukuthelise,
Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.
Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona , niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova , nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.