Uma nithanda abanithandayo , ninakubongwa kuni na ? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo.
Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini , ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.
Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako.