Inyoka yayinobuq ili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emithini yasensimini, na?
Ningadli lutho oluvutshelweyo ; ezindlini zenu zonke anodla isinkwa esingenamvubelo.
Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukul waneni zenu ezindlini zenu zonke zokuba ningadli amanoni nagazi.
Ningadli naliphi igazi , noma ngelenyoni noma ngelenkomo , nakuyiphi yezindlu zenu.
Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.
Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.
Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani , ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini ; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo , ngingene enkosini noma kungengamthetho ; uma ngibhubha, mangibhubhe.
Niyakwenza njengami : aniyikumboza amade vu enu , ningadli isinkwa sabantu.
Kwathi sekuzakusa , uPawulu wabancenga bonke ukuba badle , wathi: Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho.