Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: Kuphila kukaJehova.
Kepha mina ngithi kini : Ningafungi nakanye , noma izulu , ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu,
Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo ; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo , noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni. Ukukhuleka