UNebukadinesari wathatha wathi kuwo : Kungamabomu yini , Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego ningakhonzi unkulunkulu wami , ningakhuleki esithombeni segolide engisimisileyo, na?
Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu ; kepha uN kulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha , nize nibe namandla okukuthwala. Ningakhonzi izithombe