Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa , kungakapheli izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu , ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa.
Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu. Benza-ke njengezwi likaMose.
Ngakho-ke uma bethi kini : Bhekani, usehlane, ningaphumi; noma bethi : Bhekani, usendlini, ningakholwa;