Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofe thi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo , kungengokuvela emlonyeni kaJehova.
Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi : Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele, ngokuba baprofetha amanga kini.
Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane. Ngokuba baprofetha amanga kini.
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu , ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.