Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.
Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.
Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe , ningethembi nakumfowenu, ngokuba abafowenu bonke bayaqinela , nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.