Nokho ningishiyile , nakhonza abanye onkulunkulu ; ngalokho angisayikunisindisa.
Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki , wathi kubo: Usho kanje uJehova, uthi: Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki.
Kuyakuthi lapho nisho nithi: UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lok hu na ? usho kubo ukuthi : Njengalokho ningishiyile , nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini , kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.